21/02/2026
Alignment also means decolonisation of the mind and the Spirit.
Ake sixoxe nge-Nyanga for an example - Moon
🌑The New Moon cycle begins regardless sise nyangeni entsha ngokwe khalendar yesi manje or not (iqale izolo)...
Okusho ukuthi kuphambene ukwenza. Kanjaloke nokunye okuningi kuya gejana uma uqaphela.
Uyabona lapho ukuthi kusembijane okudinga ukulungiswa ngoko mqondo ukuze isizwe siphinde siphile saka!
iNyanga (Moon) kanye inyanga (month) zihlukaniswe ngokomqondo, kodwa zaxutshwa ngenxa yokuhlelwa kwekhalenda yesimanje. Lokhu kudala ukuphambana phakathi kokuphila komoya (lunar cycles) kanye nokuphila kwengqondo (calendar systems).
Ukuhlukanisa iNyanga (Moon) noNyanga (Month)
- iNyanga (Moon): Umjikelezo wemvelo, uqala ngeNew Moon🌑, udlula kuWaxing🌒, Full Moon🌕, bese wehla kuWaning🌘.
🌀Lo mjikelezo uyisikhathi sokuzalwa kabusha, ukugcwala, nokuphela — umjikelezo wokuphila.
🗓️ Inyanga (Month): Ikhalenda yesimanje elisekelwe ezinsukwini eziyi-28/30/31... hhayi njalo ehambisana nomjikelezo kaNyanga.
😵💫Lokhu kudala ukungahambisani phakathi kwesikhathi somoya nesikhathi esibhalwe ephepheni.
• Uma sithi inyanga entsha ngokwe-calendar, kodwa iNew Moon iqale izolo, sekukhona ukungahambisani.
Lokhu kusho ukuthi abantu baphila ngekhalenda elingahambisani nomjikelezo wemvelo, okuphazamisa ukuvumelana koMoya nomzimba.
• Ukuphila ngokweNyanga kusho ukuvumelana nomjikelezo weMvelo, ukulalela izikhathi zokuzalwa kabusha, zokukhula, zokuvuthwa, nokuphela.
☀️Ukuqonda lokhu kuhlukanisa kusiza iSizwe ukuthi siphile saka — siphile ngokweqiniso, siphile ngokweNyanga.
🌕 Ukubuyisela iNyanga njengomhlahlandlela wesikhathi kusho ukubuyisa indlela yokubala isikhathi eyayihambisana noMoya, iMvelo, nomjikelezo weMpilo.
⚖️Lokhu akuyona nje isayensi, kodwa ukuvuselela uMoya weSizwe ukuze singaphili ngekhalenda elingaphandle kuphela, kodwa siphile ngokuhambisana noNyezi.
🌑🌒🌓🌔🌕🌖🌗🌘🌑
, , ,