Ubizo Lwakho - Treatment Centre

  • Home
  • Ubizo Lwakho - Treatment Centre

Ubizo Lwakho - Treatment Centre UBIZO LWAKHO - REATMENT CENTRE is a department of the organisation called: Ubizo Lwakho Ministries Development And Education. We treat ministry illnesses

28/08/2015

GENESIS 7: 1-3

Kulamavesi kuvela ukuthi uNkulunkulu wathi kuNowa akakhe umkhumbi. Okufanele ukuba sikufunde kulendana ngukuthi kulomkhumbi uNkulunkulu uthi kuNoma akungene yena ngenxa yobuqotho bakhe angene nomndeni wakhe, wabe eseqhubeka ethi akafake izilwane ezihlambulukile kanye nezingahlambulukile kuwo lomkhumbi abafakwe kuwo nobungcwele baba. Ngamanye amazwi bebesemkhumbini owodwa abantu abangcwele kanye nezilwane ezihlambulukile kanti nalezi ezingahlambulukile beziphakathi emkhumbini owodwa. KUNABANTU ESICABANGA UKUTHI ASIBADINGI UKUBA BANGENE LAPHO SIKHONA NGENXA YOKUBA NGCWELE KWETHU, KODWA UNKULUNKULU KUNABANTU ABAFAKA PHAKATHI KWETHU KODWA IMPILO YABO IBE IFANA NEYEZILWANE EZINGAHLAMBULUKILE UKUZE BANGAFI KODWA BAPHILE UKUZE BASINDISWE.

NGAMANYE AMAZWI IBANDLA LIYI"PLACE OF SAFETY" LAPHO KULETHWA KHONA LONKE UHLOBO LOMUNTU UKUZE ANGAFI KODWA APHILE UKUZE ASINDISWE. SIQAPHELE SINGABI NGCWELE NGENDLELA EYENZA SINGABE SISAKWAZI UKWAMUKELA ABANTU ABANGCOLILE UMA BEFAKWA NGUYE UNKULUNKULU PHAKATHI KWETHU UKUZE BASIZAKALE.

UNkulunkulu watshala ensimini eyodwa imithi edliwayo kanye nomuthi okwakufanele bangawudli, kwakufanele ukuba badle emthini okwathiwa abadle kuwo, kodwa bangadli lapho kuthiwe bangadli khona noma umuthi ongadliwa uphambi kwamehlo babo. KWEZINYE IZIKHATHI IVANGELI LETHU KUFANELE KUBONAKALE AMANDLA ALO NGOKUTHI SIPHAKATHI KWEZILWANE EZIHLAMBULUKILE NEZINGAHLAMBILUKILE KODWA IZILWANE EZIPHAKATHI KWETHU ZINGASIDLI (NGISHO ABANTU UQOBO KULENDABA). KUFANELE UKUBA SIBONE AMANDLA OKUKHOLWA KWAKHO ENSIMINI OBEKWE KUYO KUNEMITHI OKUTHIWE UNGAYIDLI KODWA IPHAMBI KWAKHO.
mmmmmmmmmm kholwa phakathi kwesiminyaminya sezinto zikhona emkhumbini ofakwe kuwo nasensimini OBEKWE kuyo kodwa ungazidli izono zikhona. mmmmmmmmm AKUKHO MUNTU OKUFANELE AFE UKUZE UKHOLWE KAHLE, KHOLWA ABANTU ABAKUHLUKUMEZAYO BEKHONA AKEKHO UMUNTU OZOFA. mmmmmmmmmmm MY GOD LENTO NGIYAYIZWA.........................

Apostle M.S.Mncwabe (HOST )

24/08/2015

KUMAHEBERU 2: 18

THEME:
UMUNTU OSETSHENZISWA EZIMPINI ZABANTU NAYE WAKHIWA NGEZIMPI UKUZE AKWAZI UKUSEBENZA EZIMPINI

Bazalwane bam ngibuka lelivesi ukuthi lichaza ngoJesu ukuthi wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo. Zonke izinto ezibuhlungu ezenzeka kuJesu yizo ezaba ngamathuluzi okumenza abe wusizo kubantu abasezimpini nasezilingweni abakuzo. Ngithanda ukuhlomisa bonke abazalwane abasetshenziswa uNkulumkulu ekusizeni abantu ezinkingeni zabo ukuthi nabo benziwa ngezimpi nangezinkinga ukuze bakwazi ukusiza abantu ngento abayaziyo ukuze uma umuntu abamsizayo uma echaza impi abhekene nayo babe nazo izimpendulo zabo. Kodwa qaphela ukuthi akusizona izono ezenza umuntu akwazi ukusiza kodwa yizimpi akhiwa ngayo. Uma uNkulunkulu ekusebenzisa ezimpini zabantu nawe kuzoba khona izimpi eziza kuwe ukuzokwakhela ukusebenza ezimpini. NGIYATHANDA UKUQINISA BONKE ABASETSHENZISWA EZIMPINI ZABANTU UKUTHI NABO BAZOBA NEZIMPI ZOKWAKHIWA KWABO BAKHIWELA UKUSEBENZA EZIMPINI ZABANTU. INTO EYENZA UKUBA UJESU ATHULE ANGAPHENDULI KUBANTU BEMHLUKUMEZA KABUHLUNGU YINGOBA WAYEBAMBE ISAMBULO SOKUTHI ISIMO AYEBHEKENE NASO KWAKUNGESOKUMAKHA UKUZE AKWAZI UKUSIZA THINA. KWAKUBUHLUNGU KUJESU NGENKATHI AKHIWA KABUHLUNGU KUSETSHENZISWA AMEVA, IZIPIKILI, IZANDO, AMATHE, UKWEDELELWA KUZE KUBE UKUBULAWA AFE NYA KANTI WAYAKHIWA UKUZE AKWAZI UKUSIZA THINA. KUBUHLUNGU UKWAKHIWA NGEZIMPI KODWA UMA SEZEDLULILE ZIKUSHIYA UYI-QUALITY LOMUNTU OSETSHENZISWA EZINKINGENI ZABANTU.

LEZIMPI OBHEKENE NAZO EZOKWAKHA WENA, BEKEZELA.

Apostle M. S.Mncwabe (HOST )

20/08/2015

ABAHLULELI 16: 30

Bazalwane iyangihlupha indaba yokuthi uSamsoni wabulala abantu abaningi kakhulu ekufeni kwakhe okudlula abantu ababulala ekuhambeni kwakhe. Ngamanye amazwi uSamsoni waba nogcobo olukhulu kakhulu ngesikhathi sekuphela ngempilo yakhe. Indlela ayesebenza ngayo ebulala amaFilisti wawungacabanga ukuthi usaya kude nempilo kanti sekungugcobo lokuvalelisa empilweni yakhe ngoba wathi eqeda ukubulala amaFilisti kodwa naye wafa kanye nabantu ababebulawa nguye. KUNABANTU ABAGCOTSHWA KAKHULU UMA SEKUPHELA NGEMPILO YABO USATHATHANE ANTSHONTSHE IMPILO YABO ABESE EBADEDELA BAVUTHE KAKHULU KANTI SEBEFILE EKUKHOLWENI. NGAMANYE AMAZWI USATHANE UYAKUFIHLA NGOGCOBO OLUKHULU KANTI USEQEDILE NGEMPILO YAKHO. ABANINGI ABANTU ABASEBENZA KAKHULU UMA SEBEFA EKUKHOLWENI, YINGAKHO KUFANELE UKUBA UMUNTU NGESIKHATHI ESEVUTHA KAKHULU KUBE YISONA SIKHATHI OKUMELE NIMQAPHELE KAKHULU NGOBA UYAVUTHA UMUNTU NOMA SEKUPHELILE NGEMPILO YAKHE.
mmmmmmmmmmmmm NANAMUHLA SISENALO LOLUHLOBO OLUVUTHA SELUFILE. MY GOD, MY GOD, MY GOD, MY GOD. ............................................

BAKHONA LABANTU ENGIKHULUMA NABO NAMUHLA EBUSUKU LENTO NGIYAYIZWA.................................mmmmmmmmmmmmmmmmmmmm

Apostle M.S.Mncwabe (HOST )

20/08/2015

THEME:

UKUSETSHENZISWA KWABANTU ABAZOLAHLWA

ABAHLULELI 15: 15-17
Kuloludaba sithola ukufundiseka ngokuthi uSamsoni wabulala abantu ananingi esebenzisa ubizo lwakhe kodwa esebenzisa umhlathi wembongolo abewuthathe embongolweni efileyo. Qaphela ukuthi noma ibifile imbongolo kodwa umhlathi wembongolo ubewuthathe kuyo futhi owamsiza kakhulu ekusebenzeni lwakhe. Okubuhlungu ngawo umhlathi ngokuthi emva kokusetshenziswa kwawo walahlwa. Okufanele sikufunde kulendana ngukuthi kunabazalwane abafile empilweni yokomoya abangabuphili ubungcwele kodwa abanezinto ezinkulu eziphuma kubo futhi ezisisizayo thina kodwa zibe zithathwe kubantu abafile bona ekukholweni. Ngithanda ukubaxwayisa abantu abanjalo ngoba noma singasizakala thina ngezinto eziphuma kubo kodwa bona bazolahlwa njengomhlathi wembongolo owasetshenziswa nguSamsoni kodwa esewusebenzisile wawulahla. Kunabantu abaningi abasikhonza ngezinto ezinamandla esingabala ukushumayela, ukudumisa, ukuphrofetha, ukuphulukisa abantu abagulayo kanye nabasikhonza ngemiculo enamandla emabandleni kanti bafile maqondana nempilo yobungcwele. Ngixwayisa ukuthi bantu abanezinto ezisiza abanye abantu bangakhohlwa ukulungisa izimpilo zabo ngokuba baphile ubungcwele ukuze kungathi sebesize izinqwaba zabantu kodwa besekulahlwa bona. LUNGISANI IZIMPILO ZENU NONKE NINA ENISETSHENZISWA UKUSIZA ABANYE ABANTU UKUZE NINGALAHLWA SENISETSHENZISIWE.

Apostle M.S.Mncwabe (HOST)

13/08/2015

THEME:

ZISONDEZE WENA UKUZE WAKHIWE.

1 PETRO 2: 4-5
Kungumsebenzi womuntu ukuba kube nguye uqobo ozisondezayo endlini yokomoya ukuze akhiwe njengetshe okuzokwakhiwa ngalo indlu yokomoya. Kumele ukuba siqaphele ukuthi lelitshe okuthiwa asisondele kulo liyitshe elinqatshwe ngabantu kanti kuNkulunkulu likhethekile. Kuvamisile ukuthi abazalwane uNkulunkulu asisondeza kubo ukuba sakhiwe yibo kube wuhlobo olunqatshwayo ngabantu kanti yibo esimiselwe ukwakhiwa ngabo. Yiqiniso elibuhlungu ukuthi inyama yethu iyenqaba ukuthi sisondele kubantu esimiselwe ukwakhiwa ngabo ngenxa yabantu ababagxekayo ukuze singayi kubo. UMA KUNOMZALWANE OGXEKWA NGABANTU UBOVAMISA UKUSONDELA KUYE NGOBA KUVAMISE UKUTHI ABANTU ABAGXEKWAYO KUBE YIBO ABAKUPHATHELE UKWAKHEKA KWEMPILO YAKHO. Uma kwakhiwa itshe liyalinyazwa ukuze lakheke ngaphambi kokuba kwakhiwe ngalo indlu, uma lingalinyazwanga ngenkathi lakhiwa kulimala indlu eyakhiwe ngalo ngenxa nje yokuvikelwa kwalo ukulinyazwa. ZISONDEZE WENA ENDLINI YOKOMOYA UKUZE WAKHIWE.

QAPHELA UKUTHI ABANTU ABAYICHOICE KANKULUNKULU UKUKWAKHA KUVAMISE UKUTHI UNGABAFUNI KANTI YIBO ABAZOKWAKHA.

Apostle MS Mncwabe(HOST )

13/08/2015

Genesis 3: 8-10

Ngesikhathi uAdam engakoni kuNkulunkulu wayetholakala ensimini uma uNkulunkulu emfuna ngesikhathi amfuna ngaso futhi ubebonakala ukuthi ukhona ensimini. Kodwa ngesikhathi esonile kuNkulunkulu waba namahloni wacasha ebusweni bukaNkulunkulu kanye nasekuzweni izwi likaNkulunkulu likhuluma naye. Yingakho uma kukhuluma uNkulunkulu uAdam ubecasha engafuni ukumuzwa ekhuluma naye. Ngithanda ukukhuluma leliqiniso noma kubuhlungu ukuyokhuluma, uma kunomonakalo okhona akufanele kubaleke abantu abangonanga ekukhulumeni kukaNkulunkulu, kodwa abantu okufanele bacashe ebusweni bukaNkulunkulu yilabo abanamahloni ngezinto ezenziwe yibo zabashiya benqunu bese bebaleka ekukhulumeni kukaNkulunkulu. UNGAKUBALEKELI UKUKHULUMA KUKANKULUNKULU UMA UNGONANGA LUTHO NGOBA WENA UPHILISWA YIKHO UKUTHI UNKULUNKULU AKHULUME NAWE.
UKUBALEKA KUCHAZA UMONAKALO OPHAKATHI KWAKHO NONKULUNKULU KODWA AKUCHAZI UMONAKALO WABANYE ABANTU. UNGABALEKI EKUKHULUMENI KUKANKULUNKULU UMA UNGONANGA LUTHO KUYE.

Apostle MS Mncwabe(HOST )

11/08/2015

THEME:
AMANDLA ENTO OYIYO AVEZWA YIZINTO EZIPHIKISANA NAWE.

EXODUS 7: 3
Bazalwane ngithanda ukuba n**i ukuthi uNkulunkulu akumthokozisi ukusebenza lapho kungekho khona okuphikisana naye ngoba izinto eziphikisana naye yizo avela ngazo ukuthi nguNKulunkulu onamandla kangakanani. Uma uNkulunkulu ezokhipha abantwana bakwaIsraeli eGibhithe nguye uqobo owaqinisa inhliziyo kaFaro ukuze aphikisane nokukhishwa kwabakwaIsraeli eGibhithe, kodwa kwagcina kubonakele ukuthi ngubani onamandla phakathi kukaNkulunkulu obakhiphayo kanye noFaro obavimbayo. KWAGCINA UNKULUNKULU OWABAKHIPHAYO.

Uma kuzobonakala uNkulunkulu wakho kufuneka kubekhona izinto ezikuvimbayo ukwenza into obizelwe ukuyenza kodwa kungagcini zona kodwa ukuze kubonakele amandla akho kufuneka kugcine wena noma kukhona abakuvimbayo. UMA SITHI UNKULUNKULU UYAFOHLA SISUKE SIQONDE UKUTHI UNKULUNKULU UNGENA NOMA KUVALIWE.

Akulula ukuba kwaziwe amandla akuwe uma kungekho lutho oluphikisana nawe. UDINGA I-OPPOSITION PARTY OKUYIYO EZOKUVEZA FUTHI IKUVUME UKUTHI UNAMANDLA NGAPHEZU KWAYO.

Apostle MS Mncwabe (HOST )

06/08/2015

THEME:
KUVUMELE UKUBA KUBE KHONA UMUNTU OGCOTSHWE NGOGCOBO OLUFANA NOLWAKHO.

1 KINGS 19: 15-17

Kulendaba kuyilapho sifunda khona ukuthi uElisha wayegcotshwe ngogcobo lukaEliya.Ngamanye amazwi lento ayeyiyo wayeyithathe kumuntu owayeyiyo. Kumele ukuba ukuvumele ukuthi kube nabantu abazogcotshwa ngogcobo lwakho ngoba yikho okwenza ukuthi lento oyiyo ingagcini kuwe kodwa idlulele kwabanye abantu. Ngakolunye futhi uhlangothi kuyasiza ukuba nomuntu ozokwakheka ngawe ukuze ngesikhathi usezimpini kodwa ungami futhi ungafi umsebenzi ophathiswe wona. Akufanele ukuba into ephathiswe wena iphele lapho kuphela khona wena, kodwa bayafuneka abantu abazongenwa yiyo baqhubeke nayo noma wena ungasekho. Kodwa lokho kwenzeka kuphela uma kube khona umuntu ogcotshwe endaweni yakho ozokwazi ukuba nguwe noma wena ungekho. UNGANCISHANI NOGCOBO LWAKHO VUMA KUBE KHONA ABAZOSEBENZA NGALO NGOBA KUZOKUSIZA NGEZIKHATHI EZIMBI.

Apostle MS Mncwabe (HOST )

04/08/2015

DIAGNOSIS

Ake sicobelelane ngokwehlukanisa phakathi kokuphulukiswa (Healing) kanye nokukhululwa entweni ethize.
1. Kunabantu abagula enyameni yabo ngokuphathwa yizifo ezahlukeneyo okulula kubo ukuthi baphulukiswe ngoba bagula emzimbeni lapho ukwazi khona ukumbeka izandla umkhulekele aphulukiswe kulokho okumphetheyo. Lokho singakubiza ngeHealing.
2. Kukhona abantu abaphilayo enyameni kanti bagula ngokwesabekayo emoyeni nasemphefumlweni wabo okugcina sekubaphazamisa nasemiqondweni yabo ukuthi ingasebenzi ngendlela efaneleyo. Kunezinto ezinzima ezenzeka ezimpilweni zabantu bese zibashiya begula kanzima emoyeni nasemphefumlweni yabo okudlula ukugula enyameni. Kulolohlobo lokugula kudingenga kube nguwe oxoxa nomuntu ozokusiza maqondana nento okuyiyo ngqo eyenzekile empilweni yakho ukuze uthole ukukhululwa maqondana nento oguliswa yiyo emoyeni wakho. Kuloluhlobo lokugula kuyilapho kudingeka khona ideliverance lokhu esikubiza ngokukhululwa emoyeni. KUNABANTU ABANGAPHUMELELI UKUPHILA IMPILO YABO YOKOMOYA NGEMPUMELELO NGENXA YOKUTHI UKUGULA KWABO KUSEMOYENI WABO OHLUKUMEZEKILE.
UMA UFUNA UKUKHULULWA EMOYENI WAKHO KUDINGEKA UKUBA KUBE NGUWE UQOBO OKHULUMAYO NGENTO EYENZEKE EMPILWENI YAKHO UNGAFIHLI LUTHO.

Kunabantu abaguliswa yizinto ezenziwe yibo ngasese okungelula ukuba zaziwe ngoba ababonwanga muntu bezenza kodwa abangakutholi ukuphumula ngazo. Singabala abantu besifazane abakhulelwe base bekhipha izisu ngasese kwangazi muntu, sibale abantu ababulale abantu abathize kodwa kwaba ngukwazi kwabo bodwa kodwa abangakutholi ukuphumula. Abanye bazale izingane ezingesizo ezasemishadweni abakuyo kodwa bazizalela kuyo imishado ngokuba nobudlelwano bangaphandle komshado kodwa beshadile.
KUKHONA NABANYE ABAGULISWA YIZINTO EZENZIWE KUBO ESINGABALA KUZO IRAPE, ABUSE KANYE NOKUNINGI ABATHULI NAKHO.

KULEZINTO ENGIZIBALILE UMUNTU UKUZE ATHOLE UKUKHULULEKA KUZO KUFANELE UKUBA AKHULUME NGAZO UKUZE ADLULE KUZO. UMA KUNENTO OWAYENZA NOMA EYENZEKA KUWE ONGAKUTHOLI UKUPHUMULA NGAYO VELE UKHULUME NOMUNTU ONGAMETHEMBA NGAYO UKUZE UTHOLE IDELIVERENCE KUYO.

Apostle MS Mncwabe (HOST )

03/08/2015

THEME:
UKULAHLEKELWA OKUNENZUZO KUWE

Kunezinto okumele ukulahlekelwa yizo ukuze uthole ezincono kunazo. UJesu wabumba ukulahlekelwa yisithunzi sakhe (Dignity) ngokuba enguNkulunkulu kodwa avume ukudelelwa, athukwe, abethelwe engembethe emzimbeni kanti ngokulahlekelwa yilesosithunzi wayezothola thina emhlabeni. Ukuba uJesu wancamela ukuvikela isithunzi sakhe wayengeke asithole thina. KUNEZINTO EZITHOLWA NGOKULAHLEKELWA, UMA UNGAZIMISELE UKUTHI KUBE KHONA IZINTO EZIKULAHLEKELAYO UNGASE UNGATHOLI LUTHO EZINTWENI OZIDINGAYO. UNGAZIVIKELI IZINTO OKUMELE UKUTHI ULAHLEKELWE YIZO UKUZE UZUZE LEZO OZIDINGAYO.

UJosefa kwabiza ukuthi alahlekelwe yibhantshi lakhe ukuze azuze ukuphepha kumkankosi owayefuna ukulala naye. KUMELE UKUVUMELE UKULAHLEKELWA YIZINTO ONAZO UKUZE UZUZE UBUNGCWELE OBUDINGWA NGUNKULUNKULU EMPILWENI YAKHO.

Apostle MS Mncwabe (HOST )

03/08/2015

Address

176 Pixely KaSeme (West Street) 2nd Floor Westcar Centre

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ubizo Lwakho - Treatment Centre posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

  • Want your practice to be the top-listed Clinic?

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram