26/09/2025
📌 ILadi Emsamo ELinokudla ne Ziphuzo
1. Isango lokwamukela izithunywa👏🙏♥️🤗
Iladi lapho libekwe khona emsamo linokudla noma neziphuzo, liyindlela yokubiza izithunywa nezinyanya.
Ukudla neziphuzo kuba njengomhlatshelo, ukukhombisa ukuhlonipha nokuthi izithunywa zamukelekile endlini.
2. Ukwabelana phakathi kwabaphilayo nabangasekho
Ukudla kuphakamisa ukuthi abantu abaphilayo bayakhumbula futhi bayabelana nabangasekho.
Iziphuzo (njengobisi, utshwala besintu, amanzi ) kusho ukuphuziswa imimoya ukuze ihlale imanzi, igcwale amandla.
3. Ukudla .... ukuphila😍
Ukudla emsamo kumelela impilo. Lapho kubekwa eladini, kusho ukuthi impilo yomndeni wonke isabelwa izinyanya ukuze ziphile nabo.
4. Iziphuzo ... ukugeleza komoya🙏
Iziphuzo zimele ukugeleza komoya nobudlelwano obungaphazamiseki phakathi komhlaba wethu nowomoya.
Kuyisivumelwano sokuthi “asihambe ndawonye.”
5. Isivumelwano sokuvikelwa nokubusiswa
Uma umuntu ebeka ukudla neziphuzo eladini emsamo, usuke ehlonipha futhi ecela ukuvikelwa, inhlanhla kanye nokuphila okuhle ekhaya.
🕯️Ngakho-ke, lapho kudliwa emsamo, abantu bangathandaza, becele, babonge, bese bethatha njengokuthi izinyanya sezamukele.
✨🕯️🕯️🕯️Izibani (Candles) Ave zisemqoka uma siphakamisa ILadi ekuthenini sikwazi ukuxhumana nezithunywa noma imimoya efanelekile, yingakho kubalulekile ukwazi ukuwafunda, wazi amele yiphi imimoya ngisho esekhanya ayaba nezimpawu zokuthi akhulume phezu komsebenzi owenzayo, ingabe uhamba kahle noma kukhona okukhalekayo?, ingabe umsebenzi uyemukeleka na?... Makhosi 👏👏👏