23/04/2026
ISambane(Aardvark)
ISambane sihamba sibheke phansi,sisuke sihogela futhi sifuna okuya ngasethunjini okufana nezintuthwane,umuhlwa,izinkume kanye nokunye.Umuntu uma enebhadi losuku kuye kuthiwe ubhekwe yiSambane.ISambane sihle kakhulu ekumbeni asinqeni ukuthi uma sijahwa yisitha sivele simbe umgodi siwuqale phansi sigcine siphunyukile impela esitheni sesingene emgodini esiwuqala kwaA.Unswempu kabi lo mbhemu kwezokugubha.Ubuchopho kanye namakhala eSambeni kuhle kakhulu eMibhemisweni yokubhula.Kwenza iSangoma sishaye emhlolweni singageji.Ulimi lungena kwiZibunge zeBhizinisi.Izandla zangaphambili zinhle kakhulu kwezokucupha iMvukuzane uma ifakwe kumuntu,sihle nasekukhipheni yonke into yabathakathi abasuke beyifake kumuntu.Ikhanda amashiya,kanye namehlo kuhle kwezamacala.
Copy