Gog'Manqele

Gog'Manqele Siyelapha siyafundisa. R200 calls and face to face consultations
We courier combos via pexi. For call consultation 083 491 5703.

19/04/2026

Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”

NgokukaLuka 22:39-42

19/04/2026

Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu. Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa. Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye, ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.

KwabaseGalathiya 6:2-5

San'bonani nonke ekseni.

16/04/2026

IZAGA 13:13 Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.
san'bonani nonke ekseni.

08/04/2026

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! It'x Måkâ Mntwana Dlamini, Estevao Sitoe

30/03/2026

Sesisemoyeni we phasika.
Wena ukiphi futhi uzobe ukuphi ngephasika?.

30/03/2026

Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

Efesu 4 : 32.

30/03/2026

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.
kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

KumaHeberu 11:1, 6

San'bonani nonke ekuseni.

Zonke izinhlungu ziyadlula,bonke ubunzima buyadlula ngoba ayikho imvula engasi.Hang in there kuzolunga nakuwe.
28/03/2026

Zonke izinhlungu ziyadlula,bonke ubunzima buyadlula ngoba ayikho imvula engasi.

Hang in there kuzolunga nakuwe.

28/03/2026

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.
Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
NgokukaJohane 1:1-3, 14

Amen emini.

23/03/2026

Amehlo kaJehova asezindaweni zonke;
aqaphela ababi nabahle.

IzAga 15:3
Amen ekseni.

22/03/2026

With King Zoso_sa – I'm on a streak! I've been a top fan for 4 months in a row. 🎉

22/03/2026

“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
“Ungabulali.
“Ungaphingi.
“Ungebi.
“Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.
“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.””

U-Eksodusi 20:12-17
Amen

Address

Mtubatuba KwaMsane Eyfisweni
Durban
MLAZIVSECTION

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Gog'Manqele posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Practice

Send a message to Gog'Manqele:

Share