Siyaphilisana

Siyaphilisana INHLOSO YETHU NGALELI PAGE UKUPHILISA,NOKUSIZA LABO ABATHWELE NABANEYINKINGA BENGAZI UKUTHI BAZOTSHELA BANI,NOMA BAZOSIZWA UBANI.

SIZOKWAKHANA SIZOKWALULEKANA SIZOPHILISANA,,WENA NJE BEKA UDABA LWAKHE SIKUSIZE

30/07/2023

Phila impilo yakho ungaphileli ukujabulisa abanye abantu. Abantu bayohlezi bekhuluma behleba besho konke okubi ngawe..phuma kubantu 💯💯

19/04/2023

Asiphilisane usazolala ...kuthi angithi kuwe i empilweni alifuneki igwala kufuneka umuntu onenkani ongavinjwa yizimo ..nawe Musa ukuveza usizi lwakho kubantu. Musa ukujabulisa abantu kubone noma Ubani ukuthi ushayekile empilweni. Yibanecorner lakho lapho uzoxoxela uJehova ukwahluleka kwakho Funda ukuthandaza kwiCorner lakho wedwa. Uzombona unkulunkulu uzokwenzela izimanga ♥️♥️♥️ubusuku obuhle

19/04/2023

Akengikhumbuze lokhu uJehova uyazilwa izinpi zethu emfihlakalweni.impi obhekene uyayazi Kanti futhi unawe ungesabi. Usuku oluhle kininonke ♥️♥️♥️

18/04/2023

Ake ngikuhlebele uyambona Lomuntu okuzondayo Kodwa awumenze litho,,uyambona lomngani wakho o busy okuhlebayo,,uyambona lowasemndenini wakho okukhuluma Kabi. Uyazibuza ukuthi why ungathandwa abantu. Lalela ke ngikuxoxele. Yabona wena inkulu into unkulunkulu ayibeke kuwe Kahle uzoba wutho kusasa ..laba abakuzondayo Kahle Kahle balethwe isitha ukuzophazamisa wena. Kahle Kahle bawudonga oluvalele impumelelo yakho. Kahle Kahle bazontshontsha I happiness nayo. Yini okumele uyenze wena ,,,, Musa ukuzisondeza kubantu abangakufuni,,, Musa ukulalela noma ukuthatha amazwi Amabi akhulunywa ngegama lakho bashaye ngento eyodwa Vala umlomo uvule amehlo. Focus manje kwifuture yakho. Ma u Funda fundela bona Wenze isiqiniseko sokuthi uyaphasa. Ma usebenza zijabulise ubemuhle ulungise ikhaya lakho. Ngenkathi belibele ukukhuluma ngegama lakho. Wena build yr future. Futhi phuma kubo. Ungazami ukusondeza isitha Sakho kuwe ngoba sizoqeda ngawe. Zitshele lokhu wena ungokajehova uyanqoba futhi uzophumelela phambi kwabo laba ababusy bekukhuluma Kabi. Usuku oluhle akuphe Amandla amasha uJehova♥️♥️♥️♥️♥️

17/04/2023

Stop waisting isikhathi Sakho nabantu abawrong empilweni yakho .ngoba uzolahlekelwa okukhona ngokungekho. Vula amehlo akho u check ukuthi labantu ozwana Nabo Na ingabe amaphupho wenu ayafana Na?noma ugibele ibus eliwrong

17/04/2023

Uma ufuna ukuphila emoyeni Thatha uJehova unenze umngani wakho ..if awunabazali Menze umzali wakho ..ngithanda ngento. Eyodwa ...yabona abantu bayalahlana empilweni BT uJehova akasoze akushiye uyohlezi enawe zikhathi Zonke ♥️♥️♥️Themba yena

13/04/2023

Mmm ♥️♥️♥️ngyakuthanda lomhlabeleelo

Address

Durban
4001

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Siyaphilisana posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Practice

Send a message to Siyaphilisana:

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram