14/11/2025
ISIMEMEZELO
Mhlaka 06 & 07 December eGoli eNqabeni eDoornfontein inkonzo yokubonga unyaka nokukhushulwa kwesdalwa kanye nokukhanyiswa kwamakhandlela, Iyongena mhlaka 06 December ebusuku iphele mhlaka 07 December. Phatha imbewu yakho kaR 200 ama R 5 awu 4, Nendwangu emhlophe u1 mitre. Kuyo lembewu kaR 200 umuntu uyothola insebenzo yokuziqinisa
Phatha, Umquba wasesbayeni, Umhlabathi wasekhaya, ID , CV, Izitifiketi, neJuice noma impahla yomuntu uma unomuntu okanye umtwana ophuzayo, obhemayo, okanye odla izidakamizwa konke uMprofethi uzokubusisa. Zonke izinsebenzo ziyobe zitholakala sibala neVimbamoya noNkatho, Izintambo, Amatshe okuqinisa umuzi umprofethi uyobe ewabusisa, Uyolithenga bese eyakubusisela. Sicela uphathe ingubo yakho yokulala.
āļø 011 404 5083 - 011 404 5166