isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele

isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele Siphilisa isizwe ngayo yonke indlela sibala impande,iziwasho,siyahlambulula,siyahlola,siyageza etc

Bayede esigodlweni sempilo,zindlondlo eziphuza kwezijulile iziziba ngoba uma ziphuza kwezimfishane zibuya nodaka iyabing...
11/07/2025

Bayede esigodlweni sempilo,zindlondlo eziphuza kwezijulile iziziba ngoba uma ziphuza kwezimfishane zibuya nodaka iyabingelela imamba emnyama.

Namuhla ngizokhuluma ngesihloko abantu abaningi asebecelile ukuthi ngibacacisele ngaso indaba yokuqukula.

Kuyini ukuqukula?
Ukuqukula inkonzo lapho umelaphi wendabuko esuke enza lokhuthi ngesilungu esithi exorcism kodwa ethe ukwehluka kancane. Umelaphi usuke engena ngokomoya esigulini sakhe afike aqukule akhiphe lento okuyiyona ehlupha isiguli kungaba imimoya emibi noma ukugula okuthile ebese leyo mimoya noma ukugula kugwinywa idlozi lalowo melaphi kungene kuye.

Kwenziwa kanjani ukuqukula?
Ziningi izindlela zokuqukula zindlondlo kuyaye kuye nangokuthi imimoya ekuwe njengomelaphi isebenzisa yiphi indlela.
Uma uqukula njengo melaphi ilapho uphakamisa imimoya uvusa idlozi elikuwe ukuze likwazi ukungena kwisiguli sakho ebese njengoba igama lisho nje idlozi bese liqukula noma ngamanye amazwi likhiphe lento egqilaza umuntu kungaba imimoya emibi eyangena kumuntu noma isigulo esithize njengekhanda elingapheli esekuzanywe yonke into kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya. Uma nje ngingayibeka ibe lula lento ngingathi umelaphi usuke ekhipha isigulo esithize ngokungena ngaphakathi ngokukamoya kumuntu ebese ephuma naso leso sigulo umuntu aphile abe umqemane.

Abantu abaningi bayaye baphambanise ukuqukula nokufemba, lezi izinto ezimbili ezingafani neze. Ukufemba ilapho uvusa idlozi lomuntu ukuba likhuphuke kuwe njengo melaphi lingene kuwe ebese likhuluma ngawe lisho konke elikudingayo nezimfuno zalo.

Ukuqukula akuyona into eyenziwa inoma imuphi umelaphi ngoba iyingozi uma ungaqinile kahle ngoba ungathi uzama ukuqukula umoya othile kumuntu kanti lowo moya unamandla kunawe ebese uyalimala.
Ijulile indaba yokuqukula futhi iyasiza kakhulu ngoba ezinye iziguli nemimoya emibi efana nemidliwa iyaye ingakhipheki ngendlela ejwayelekile yokwelapha ize idinge engathi ingaqubulwa umelaphi.

Makhosi Cele
0815069316

Siyakhuleka eMakhosini.Iyabingelela indlondlo ephuza kwezijulile iziziba.Namhlanje abadala bakhuluma ngendaba yesabelo.W...
20/04/2025

Siyakhuleka eMakhosini.
Iyabingelela indlondlo ephuza kwezijulile iziziba.

Namhlanje abadala bakhuluma ngendaba yesabelo.
Wonke umelaphi unikiwe isabelo sabantu abalethwe kuye ukuthi abelaphe. Inkinga yethu thina belaphi banamhlanje ukuthi asifuni ukwamukela isabelo sohambo lwethu kodwa sihalela izinto zabanye abantu esizibona benazo.

Lalela ntwana wethongo ungafuni ukuhambe ulapha wonke umuntu ngisho nongabizelwe kuwena ngoba uzobe uzifaka kwingcindezi yokuhamba kumzila okungewona owakho.
Hlala emzileni wakho ubhekane nalokhu onikwe kona ilapho isibusiso sikhona.

Ngeke mase ufika kobaba mkhulu bakubuze ukuthi usize abantu abangakhi kodwa bayokwahlulela ngokuthi kulabantu obasizile bangakhi obalaphe ngokweqiniso.
Ngisho noma kungangena umuntu oyedwa esigodlweni ngenyanga kulungile lokho isabelo sakho funda ukwaneliseka ngalokho onakho.

Othenjwa ngokuncane uyathenjwa nangezinto ezinkulu.

Makhosi Cele

0815069316

Bayede eMakhosiniUyabingelela uMbeje umfazi onempandla indlondlo esho ngamehlo abomvu.Ave kubalulekile ukugeza unyaka uq...
14/01/2025

Bayede eMakhosini
Uyabingelela uMbeje umfazi onempandla indlondlo esho ngamehlo abomvu.

Ave kubalulekile ukugeza unyaka uqala nje kungu January uma senza njalo sisuke sizihlukanisa sizilungisa sidlulisa konke okwenzeke onyakeni odlule siqaqa izibopho namafindo onke ukuze njengoba siqala unyaka omusha siwuqale izindlela zethu zimhlophe sihamba sikhululekile singenamathunzi amnyama phezu kwethu ngaleyo ndlela unyaka wonke uba unyaka omuhle oneminyango evulekile.

Abantu abangene emanzini ahambayo impilo yethu yonke isemanzini.
Nansi induku yokugeza isusa amathunzi amnyama iphinde ihlambulule wena kanye nezidalwa ohamba nazo.

* Umhlambamanzi
* Unukani
* Umaphipha
* Umsuzwane
* Umathunzi entaba
* Umungwe
* Usehlulamanye
* Isiqunga
* Umsanka

Geza, ugqume uphinde uphalaze izinsuku ezinhlanu

Makhosi Cele

09/12/2024

Bayede eMakhosini

Namhlanje sizokhuluma ngokugquma/ ukufutha

Ave ibalulekile le nkonzo zindlondlo noma abanye beyibukela phansi kodwa imiphumela yayo iyabonakala futhi inenzuzo enkulu uma ungumuntu.

Omunye uzobuza ukuthi kubaluleke ngani ukugquma?
Ukugquma kuyasiza kakhulu ukukhipha ukungcola okungaphakathi kumuntu lapho sibala izichitho namadliso anenkani agolozayo ukuphuma uma uphalaza. Lokushisa kwesifutho kunamandla okukhuculula lokungcola namadliso kuphume ngeziqu zoboya ngenkathi ujuluka.

Okumele sikukhumbule zindlondlo ukuthi idlozi liphila ngaphakathi kumuntu yingakho ingaphakathi lakho kumele lihleze lihlanzekile ngezikhathi zonke ngoba abadala abahlali endaweni engcolile yingakho sisebenzisa lokushisa kokugquma ukukhipha konke okungaphakathi okungcolile ngenkathi sibila isifutho ushiselwa ujuluka kugezeka ngisho nesikhumba sakho kusuke isikhwakhwalala nesinyama esiba kumuntu ngenxa yokugadlwa ngezichitho nemithi emibi umuntu agezeke abe muhle athandeke nakubantu abe nogazi uma uyinsizwa yakwenu izintokazi zingabaleki uma uzimisa noma uyintokazi yakwenu izinsizwa ziphenduke nawe.

Maningi amanye amabenefits okufutha kulaba abahlushwa bloop pressure uma uzijwayeza ukufutha iyehla kanti futhi uma unenkinga yekhanda elingapheli uzijwayeze isifutho. Uma ubusuzame konke ukwehla emzimbeni usuhlulekile walahla ithemba ake uzijwayeze isifutho ubone ukuthi ngeke unciphe yini.
Isifutho sakho asibe 15-20 minutes kuya nangesikhumba somuntu abanye bayashesha ukuzwela ungaqhubeki noma usuzwa ukuthi akusavumi lokho kungaba ingozi.

Sifakani uma sigquma?
Kuya ngomuntu ngane zakwethu omunye uzofaka isiwasho emanzini agqume ngaso omunye ugquma ngempande kanti futhi omunye avele agqume ngamanzi wodwa kuya ngokuthi ugqumela ini. Uyakwazi ukugquma ngoba ufuna ukugezeka lapho zikhona izinto zakhona ziyatholakala lapha. Omunye ugqumela ukuthandeka angaconsi phansi nazo futhi izinto zikhona lapha. Omunye wenzela ukugeza idlozi nezidalwa azihlambulule njalo njalo.
Abanye bazobuza ukuthi umboza ngengubo noma uplastiki uma ufutha? Ngizothi uplastiki ungcono ngoba ugezeka kalula bese uwubeka elangeni uma usuqedile uzokoma kodwa uma ungenawo ungayisebenzisa nayo ingubo bese uyikhiphela ngaphandle uyibeke elangeni uzijwayeze nokuyiwasha noma kanje ngeviki kuya nangokuthi ugquma kangakanani

Makhosi Cele

Address

59 Tugela Avenue, Ncandu Park
Newcastle
2940

Telephone

+27726610276

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Practice

Send a message to isigodlo Sempilo NoMakhosi Cele:

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram