Mkhulu Locksmith

Mkhulu Locksmith Traditional and Western Healer. uMthandazi
a diviner
prophet
dream interpretator
candle reading
iNyanga eshaya umhlahlo

Emakhosini πŸ‘πŸ½πŸ‘πŸ½January uqala ngizobe ngiseDurban eThekwini. January uphakathi ngizobe ngiseMaritzburg e Pietermaritzburg...
09/12/2022

Emakhosini πŸ‘πŸ½πŸ‘πŸ½

January uqala ngizobe ngiseDurban eThekwini.
January uphakathi ngizobe ngiseMaritzburg e Pietermaritzburg
January futhi mangisuka eMaritzburg ngiya eGoli Johannesburg.

Izinsuku ngzozimemezela maduze kanye nendawo esobe sikuyo.

Amen
Mthandazi wakwaMthethwa eVryheid
082 768 9728

Emakhosini πŸ‘πŸ½πŸ‘πŸ½Uke uzwe kuthiwa ekhaya kini kunesilwane πŸ¦πŸ’πŸ¦§πŸˆβ€β¬› Esihamba ebaleni/egcekeni noma phezukwendlu Lento ikanje ...
09/12/2022

Emakhosini πŸ‘πŸ½πŸ‘πŸ½

Uke uzwe kuthiwa ekhaya kini kunesilwane πŸ¦πŸ’πŸ¦§πŸˆβ€β¬› Esihamba ebaleni/egcekeni noma phezukwendlu

Lento ikanje kuyenzeka impela islwane basithumele ekhaya kini lesilwane sisuke sizothatha zonke izindaba zalayikhaya zizise kumthakathi nkos yami , ubone izinto zakini zimile nje zingayindawo kungasebenzi muntu ilesilwane

Lesilwane senzani

Sishiya umuthi ebaleni
Sifika sikake sishiye amakaka anomuthi
Sishiya izinyawo zazo ezinomuthi nithi nivuka ekuseni izinyawo zani lezi kanti izinyawo zesilwane
Lesilwane siyakwazi ukugibela phezu kwendlu senze yonke into , sikwazi ngisho ukungena endlini

Lesilwane silala nabantu ekhaya, abesmame sibancela ingono zamabele, siqeda grocery ekhaya , simosha konke Nkos yamiii Lesilwane, sinenza ningabi nayo ngisho imali qobo lwayo lesilwane simandla kakhulu.

Lesilwane siyakwazi ukungcolisa umsamo futhiii , sikwazi nokuphendula idlozi bakithi.

Sithunyelwe umthakathi ofuna ningabilutho empilweni lapho ekhaya kini. Akekho ozolungelwa utho.

Yazi masesifikile uzwa kukhala izigi phezu kwendlu bakithi, suke sekonalele lapho kuqhuma amathayela . Ngathi khona umuntu ohamba phezulu nasebaleni ngathi khona ogijimayo nkos yam.

Kodwa Thola Umthandazi akukhiphele lesilwane asicuphe bese niqinisa ikhaya amen.

Icashunwe kuMkhulu uMhlophe

Mthandazi wakwaMthethwa eVryheid
082 768 9728

10/08/2022

Ameni, Ngane zakwethu Ngiyabingelela.

Iphupho / ithongo

Amaphupho / amathongo ayayixoxa indaba.
aphethe imilayezo eyisexwayiso, amanye ayizibonakaliso (vison) / ayinhlolo, amanye angumhlahla-dlela ngoba akhombisa okuzokwenzeka ngokuzayo , okwenzekayo, okwenzekile kanye nokungahle kwenzeke.
Kusuke kungabakini, zithunywa noMvelinqangi okukhanyiselayo.
(Angikhulumi ngawenyongo)

Uma sewuphuphile noma sewuthongile, kumele lihlaziywe ngokujula komoya ngumelaphi noma umuntu omdala ekhaya. Kodwa ukuze lizohlaziywa ngendlela uwuzwe noma uthole wonke umyalezo odlulisiwe kumele lihlaziywe ngomoya.
Uma ungelikhumbuli noma lingacaci, kubalulekile ukuzihlambulula, ukhuleke ngamandla, uphahle ucele ukuba ucaciselwe.

Amaphupho uma ekhomba okungenzeka kwesinye iskhathi uma kuyinto embi njengeGadlo, idliso, isifo, inhlanhla eshabalalyo njalonjalo, kungagwemeka noma kungavimbeka, ngaphandle mase kufike iskhathi esabekwa uMvelinqangi.
Noma kwesinye iskhathi akhombe inhlanhla ethile, yenza ke isqiniseko sokuthi uyayihlangabeza ikuthole usendaweni la ungayamukela khona noma uzihlanze ulungise isimo sakho.

Amanye akhomba osekwenzeka (imikhokha, izinto engenziwanga - ezinye zenziwa kwangemukeleka), lapho mele kube ukuthi uyazama ukulungisa ngendlela yakhona. Uphinde uphahle, uthandaze ubike ucele ukuphiwa amandla.

Wena ongaphuphi kwenziwa yini?
oncolile
ongaqondile - mawusebenzisa isbongo okungesona,
wedalwa phezu kwesimo sakho,
elincolile nelingaqinisiwe,
islwane,
- amathunzi amnyama,
ukuhlanjululwa (cleansing)
.

Ngiyanxusa ukuba siwasukumele siwalandelele amaphupho namathongo esiboniswa wona ukuze sizothola ukuphila.
Ngoba akusizi uphuphe, lihlaziywe iphupho bese ungenzi lutho, kuyoba khona ukuzisola okukhona.

Sukuma ulungise iskhathi sisekhona!

Amen πŸ™πŸ½
Ngiyathoba
UMthandazi wakwaMthethwa
082 768 9728 (Call / Whatsapp VN)

Emakhosini bantwana beDlozi.Niqhubeke nibe neviki elihle,Kwanga ungathola indaba ezimnandi, kuphenduleke imikhuleko, izi...
02/08/2022

Emakhosini bantwana beDlozi.

Niqhubeke nibe neviki elihle,
Kwanga ungathola indaba ezimnandi, kuphenduleke imikhuleko, izicelo, kubuye impendulo, uphase leyoTest/Interview kuleliViki

Jehova neDalwa zinibusise
Ameni πŸ™πŸ½

Mkhulu Locksmith πŸ†
Mthandazi wakwaMthethwa
082 768 9728

Thokozani πŸ‘πŸ½iCleansing ibalulekile. Miningi imimoya emibi la phandle esihogelayo esincolisayo, ngalokho ke mele uzihlamb...
08/07/2022

Thokozani πŸ‘πŸ½

iCleansing ibalulekile. Miningi imimoya emibi la phandle esihogelayo esincolisayo, ngalokho ke mele uzihlambulule.
Nasebusika kuhle ukuya emanzini uyogezwa.

Ukuphuphuma noma ukukhipha isisu
Isilwane
Idlozi/isithunywa
Idalwa
Ingozi (yemonto/ukugwazwa/ukudutshulwa)
Icala
Ijele
Soul ties / ukugeza ngoba usuke umbathe nomuntu or abantu
General cleansing (sivula inhlanhla uzaleke kabusha)

Konke lokhu uyakugezela,
Ngithinte sihlele ukuthi sikuhlambulula nini ukubone ukukhanya.

Ameni

082 768 9728
Mthandazi wakwaMthethwa

10/06/2022

Thokozani πŸ‘πŸ½

UMkhulu uMthandazi wakwaMthethwa uzobe esebenzela eGoli ngoJuly

Mawufisa ukuthola noma ngabe iluphi usizo,
Ungangithinta kusemanje kunansi inumber.

082 768 9728

Nkosi inibusise

06/06/2022

Amen. Ukuthula ekhaya πŸ™πŸ½

Ngiyabingelela ngane zedlozi.
Nakhu okuncane nje

Sikwinyanga uJune manje,
U-Half wonyaka manje ngokuthwalwa umdali silapha.
Ake uzihlolisise, uhlaziye, ubheke, uyakwazi wena obufuna kukuzuza, obufuna kukuzama, obufuna kukuqala nom obufuna kukuqala unyaka ungakopheli.

Iskhathi lesi sokuthatha ikhefu, ukhokhe umoya, ubuyise amandla, uPHAPHAME uvuke emaqandeni.
Uqoqe amandla, ubuye ngamandla uqhubeke, uqale, uzame, abanye bazame futhi! Uphokophele ujonge phambili!

Vuka uzithintithe, Ungapheli umoya, iskhathi soshintsho, kodwa futhi ungajahhi, ungaphoqi.
Ngoba ngeke kuhlale kunjena! Bekezela! Uhlale ethembeni, kuzolunga 🀞
Phahla-uThandaze-uThobe-uLalele πŸ‘πŸ½

Makulawule uxolo kuzo zonke izimo.
Ameni πŸ™πŸ½
UMthandazi wakwaMthethwa

Emakhosini πŸ‘πŸ½ Yazi ngane zamkhulu inhlonipho ibalulekile komdala nakomncane Umuntu uyahlonishwa noma engena lutho.Umuntu...
03/06/2022

Emakhosini πŸ‘πŸ½

Yazi ngane zamkhulu inhlonipho ibalulekile komdala nakomncane
Umuntu uyahlonishwa noma engena lutho.
Umuntu ongumelaphi ngane zethongo uyahlonishwa, noma ngabe mudala noma mncane kunawe.

Lapho usuke ungahloniphi yena kodwa labantu abambethe okuyibona abazokusiza bexazulula inkinga yakho oze ngayo. Noma ngakuthiwa iphupha noma ubuza umbuzo ophathelene nedlozi noma ngani.
Kusuka ekubingeleleni kwakho kumele uthi Makhosi / Bayede / Emakhosini / Amen / Thokozani.
Awusebenzisi o- Hi noma o-Hey noma umbize ngegama lakhe lokuzalwa.
Ngisho ngabe kuthiwa nanifunda nonke noma ningabangani, cha awulokothi, ngoba manje phela awuzile kulo muntu kodwa uze emakhehleni nasezalukazini ezimbethe nehamba naye.
Futhi uma uze kwi Inbox noma kuWhatsapp bingelela uhlale odabeni, "Emakhosini, ngicela ukuhlola" lapho uqedile
Asikufundeni lokho ngane zakwethu khona sokwazi ukuthola ukuphila.
Mina umuntu ngimbona esafika ebingelela ukuthi lo uzophila futhi uzofuna usizo hhayi imilingo.
Ngoba eminye yeminyango ivulwa yinhlonipho nokumazisa omunye umuntu πŸ€žπŸ™ŒπŸ™Œ

Ameni πŸ™πŸ½
Imini yesabatha mayibehle ibengcwele kini nonke bathandwa.
Jehova anivikele anibusise niphile nonke
Nginithanda ngothando lukaLove

Mthandazi wakwaMthethwa
082 768 9728

26/04/2022

Emakhosini πŸ‘πŸ½ πŸ‘πŸ½

Ngiyanibingelela kini makhosi amakhulu
Thokozani bogogo nabomkhulu
Ameni kini nonke

Bingelela nawe bese ubuza ngephupho ovuke nalo

Calls/whatsapp: 082 768 9728

13/04/2022

Siyakhuleka Emakhosini

Ngithola abantu abaningi baseNatal bangibuza ukuthi bengakhongozela yini emvula khona bezophahla ngawo.

Impendulo yami ithi cha, ungawakhongozeleli ukuphahla ngawo.
Lamanzi athathe impilo zabantu, awukwazi ukuthi uwasebenzise for ukuphahla ngane zekhehla.
Awukwazi ukuphahla ngenyembezi zabanye abantu.
Angeke uncenge idlozi ngolaka noma ngempi
Akusiwo onke amanzi emvula ongawasebe zisela ukuphahla.
Amanzi emvula ongawasebenzisa ukuphahla ilawa emvula ene kahle yangaba nodlame noma yangenza umonakalo.

Siqondisise Lana ke: ukuphuza, ukugeza, nokuphahla izinto ezahlukene.

Amen

Mthandazi wakwaMthethwa
Mkhulu Locksmith
082 768 9728

30/03/2022

Emakhosini πŸ‘πŸ½

Cela sazaneni usho indawo la uhlala khona.
Ngelinye ilanga ngenzeka sizosebenzela ngakini.

Buza nofisa kukubuza ngisekhona.
πŸ™πŸ½

Address

Heeren Street
Vryheid
3100

Opening Hours

Monday 10:00 - 20:00
Tuesday 10:00 - 20:00
Wednesday 10:00 - 20:00
Thursday 10:00 - 20:00
Friday 10:00 - 20:00
Saturday 10:00 - 20:00
Sunday 13:00 - 17:00

Telephone

+27827689728

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mkhulu Locksmith posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram